Sebenzisa ipeni elimnyama noma eliluhlaza okwesibhakabhaka ukugcwalisa ifomu lentela futhi ugcine okubhalile kuphakathi kwezikhala ezihlinzekiwe. Siza usebenzise ukuprinta lapho ugcwalisa leli phepha. UNGADWEBI uvale lezo zikhala ongazidingi. Siza ungasebenzisi uketshezi lokulungisa uma wenze iphutha. Siyakucela futhi ukuthi ungaligoqi fomu lakho ngoba loko kuzobambezela ukuhlolwa kwalo. KUFANELE uzigcwalise zonke izingxenye ezifanele zefomu. Noma yiliphi ifomu elingagcwalisiwe ngokuphelele lizobuyiselwa kuwe bese liphawulwa ngokuthi "alilethwanga" kuze kube yilapho ulibuyisa seligcwaliswe ngokuphelele. Loku kungase kuphumele ezinhlawulweni zokwephuza ukuletha fomu lakho.
Isiginesha: I fomu lentela liyisaziso esibophayo ngokomthetho osenza ukuveza lonke ingeniso, intela, namadonso (deductions) phakathi nonyaka.
Ingeniso elitholiwe uma ungatholanga ngeniso phakathi nonyaka kusadingekile usigcwalise lesi sigaba ngokufaka iqanda 0.
Ukukwenzela izinto lula, kulo nyaka i-SARS iye yethula amafomu lentela amabili amasha abantu ngabanye.
I-IT12S ifomu lentela yabantu ngabanye. Yenzelwe ukuthi igcwaliswe abasebenzi abahola iholo futhi bathole nemali yokuhamba futhi badonselwe imali njengeyokwelashwa kanye neyempesheni.
Bahlinzeke ulwazi lokubala izindieko zokuhamba. Uma ukhetha ukuthi kubalwe kusetshenziswa izindleko zangempela kuzofanele ukuthi kugcwaliswe ulwazi olufanele. Kungenjalo-ke izindleko zesikali ezingaguquki zizosetshenziswa.
I-ITC12C yifomu elithe ukuba nkimbinkimbi labantu abanengeniso elinjengemali yokuqashisa (-rentisa), ingeniso elibuya ezweni elingaphandle, ingeniso lebhizinisi, ingeniso lokulima/lokufuya (farming) kanye nemisebenzi yenzuzo yemali yebhizinisi/yokulahleka. Ukwengeza emkhakheni ofanayo njenge-IT12S njengoba kuxoxiwe ngenhla, ifomu ihlinzeka abakhokhi bentela futhi ukuthi badalule nanoma iyiphi enye imali i-IT12S engayihlinzekeli.
Qinisekisa ukunemba kwemininingwane eprintiwe futhi uma inganembile sebenzisa amabhulokwe angasesandleni sokudla kwemininingwane eprintiwe ukugcwalisa ukwaziswa okunembile.
Isimo sokushada ngomhla ka-28 Febhuwari 2007: Phawula ibhulokwe elifanele eliwu-"Y" (yebo) noma u-"N" (cha) ngophawu u-"X" futhi uma ushadile, bonisa ngo-"X" noma umshado uhlanganyela ifa noma awulihlanganyeli.
Qinisekisa ukunemba kwemininingwane eprintiwe futhi uma inganembile sebenzisa amabhulokwe amhlophe angasesandleni sokudla kwemininingwane eprintiwe ukufaka ukwaziswa okunembile.
Siza ugcwalise imininingwane yekheli lasemsebenzini lomqashi wakho wamanje.
Uma ngabe wasebenza ezindaweni ezingaphezu kweyodwa enkathini u-1 Mashi 2006 kuya ku-28 Febhuwari 2007, gcwalisa imininingwane yekheli yomqashi wakho oyinhloko - lapho usebenze khona amahora amaningi.
Ukudluliselwa ngelektroniki kwezimali ezibuyiswayo kwenziwa ngokusebenzisa inamba yegatsha, hhayi igama lebhange. Ngakho-ke akukho sidingo sokugcwalisa igama legatsha osebenzelana nalo.
Qaphela: I-SARS ikhipha amasheke ezimweni ezingajwayelekile kuphela, ngakho kufanele uhlinzeke imininingwane yasebhange ukuze uthole imali ebuyiswayo. Akukho mali ebuyiswayo eyofakwa e-akhawuntini lasebhange lomuntu wesithathu noma umuntu owenzelana umsebenzi.
Bonisa indlela yakho oyikhethayo yokuthintana ngokuphawula ibhulokwe elifanele usebenzisa izinamba 1 kuya ku-5. Inamba u-1 ibonisa ukukhetha okuhamba phambili kanti u-5 ubonisa loko kukhetha okusemsileni.
Uma usebenzisa isazi sezentela (tax practitioner) ukugcwalisa iphepha-ngeniso lakho loku kwaziswa kuyogcwaliswa yileso sazi sentela.
Ikhodi elisekholomini lokuqala libonisa umthombo wengeniso lakho kuthi ikholomu lokugcina libonise inani olitholile. Lawa wukuphela kwamakholomu ozowadinga ekugcwaliseni lesi sigaba sephepha-ngeniso. Uma uthole i-IRP5/IT3(a) eyodwa kuphela uzogcwalisa inani bese kuba yikhodi elifanele lomthombo (wengeniso) esigabeni sephepha-ngeniso njengoba kuboniswe ngenzansi.
Kufanele kulandelwe inqubo efanayo uma uthole izitifiketi ezintathu eziyi-IRP5/IT3(a).
Amanani atholakala esigabeni seholo lilonke sesitifiketi i-IRP5.
Sebenzisa inani eliboniswe eduze kwekhodi 3697 ukugcwalisa le ngxenye - uma uthole ngaphezu kwesisodwa isitifiketi i-IRP5/IT3(a) onke amanani aboniswe eduze kwekhodi 3697 kufanele ahlanganiswe ndawonye bese kufakwa ingqikithi ikhonjiswe ephepha-ngenisweni.
Hlanganisa zonke izitifiketi ezitholwe emabhange noma kwezinye izikhungo zezimali lapho otshale khona nanoma iyiphi imali. Yisho ukuthi lezi zitifiketi ingabe zikhombisa nanoma iyiphi yini inzalo yamazwe angaphandle noma inhlukaniselwano yangaphandle njengemali. Uma kunjalo kufanele ugcwalise ingeniso IT12C.
Didiyela ndawonye amanani ekhonjiswe njengenzalo yasekhaya eboniswe ezitifiketini ezitholwe nguwe uqobo nowakwakho. Kufanele ugcwalisa ingqikithi yamanani okungakadonswa kuwo enzalo etholwe yini nobabili wena nowakwakho - ucezu olungatheliswa luzobalwa yi-SARS.
Didiyela ndawonye amanani aboniswe njengenzalo yasekhaya ezitifiketini ozitholile..
Usebenzisa leli thebuli elingezansi, khetha ingxenye yomnotho lapho okusetshenzwe ngazo. Uma ukwaziswa kungekho lezi zikhala kufanele okuvela khona imali yakho kakhulu. Faka izinamba ezimbili zokugcina zishiywe zingagcwalisiwe ephepha-ngenisweni.
Yisho isibalo samalungu nabondliwa (dependants) iminikelo eyenziwa ngenxa yabo. Ukwaziswa okufunekayo kubhekisela eminikelweni oyikhokhele isikhwama sezokwelapha (medical fund) kuze kube u-28 Febhuwari 2007, ngokuphathelene nawe nabanye abantu (abondliwa) ababhalisiwe kuleso sikhwama sezokwelapha.
Loku kwaziswa kuvame ukuboniswa esitatimendeni osithola sivela esikhwameni sakho sezokwelapha.
Ingabe isibalo siye sashintsha phakathi nonyaka wokucubungula?
Phawula ibhulokwe lika-"Y' (yebo) noma u-"N" (cha) ngo-"X".
Uma impendulo kunguyebo, yisho isibalo samalungu nabondliwa ngenyanga.
Ukugcwalisa le ngxenye usadinga futhi izitifiketi zakho ze-IRP5/IT3(a).
Leli phepha-ngeniso livumela izitifiketi ezintathu futhi ngalokho(disability) inani lezindleko eziphathelene naloko kukhubazeka lehlukaniswe izingxenye ezintathu.okungokomzimba kufanele lifakwe lapha uma lingazange likhokhelwe yiSikhwama Sezokwelapha.
Yisho Iminikelo yeSikhwama sakho seMpesheni.
Eyamanje - Sebenzisa inani eliseduze kwekhodi 4001 esitifiketini sakho Esilele emuva - Sebenzisa inani eliseduze kwekhodi 4002 esitifiketini sakho.
Ekugcwaliseni iphepha-ngeniso sebenzisa isitifiketi osithole kuleyo nhlangano owenze kuyo iminikelo. Yileyo minikelo kuphela oyikhokhele i-policy okuzozuza wena ngayo ongayifakela i-claim.
Ngokwe-Income Tax Act (Umthetho Wentela Yengeniso) kuvumeleke amadonso athile kuphela uma uhola iholo. Amanye ala madonso, njengeminikelo yempesheni neyama-annuity omhlalaphansi, sekukhulunyiwe ngawo kule ncwajana yolwazi.
Sebenzisa inani eliboniswe erisidini olitholile. Khumbula ukuthi leli nani lizofanelekela ukuba lidonso uma irisidi lisho ukuthi likhishwe ngokweSigaba 18A soMthetho Wengeniso Lentela.
Uma uye wenza iminikelo yokuvikela ingeniso lakho kumelwe uthole isitifiketi esivela kuleyo nhlangano iminikelo eyenziwe kuyo. Faka leli nani eduze kwekhodi 4018 ephepha-ngenisweni lakho.
Ungafaka i-claim yezindleko ezingokomthetho ezikhokhelwe mayelana nanoma yiyiphi i-claim ephathelene ngqo ne-package yeholo lakho, njengodaba lwase-CCMA lapho i-claim afakwe engenisweni ngenxa yesiyalelo senkantolo noma isivumelwano esingaphandle kwenkantolo esimayelana nemibango yasemsebenzini.
Izikweleti ezimbi noma ilngiselelo lezikweleti ezimbi.
Izindleko zokuba nesikhundla somphakathi.
Inamba yokubhaliswa yemoto.
Kuzosetshenziswa ithebula lesikali sezindleko ukubala i-claim yakho uma ungazange ugcwalise ama-line item aphathelene nezindleko ezingokoqobo.
Onke amagatsha e-SARS anamabhokisi ongafaka kuwo iphepha-ngeniso lakho eligcwalisiwe.
